ottimo CEA-10-01 Manuel D'instructions page 32

Table des Matières

Publicité

Les langues disponibles

Les langues disponibles

ISIZULU
YAZI I-AYINA YAKHO
ENESITIMU
1. Inepuleti eliyinsimbi engagqwali
2. Umlomo wokufutha
3. Isembozo sendawo yokufaka
amanzi
4. Inebhathini lokulawula isitimu
5. Ikinobho lokufutha ngamanzi
nelokusebenzisa isitimu esiphuma
ngamandla/ngokushesha
6. Ilambu lokukhombisa izinga
lokushisa
7. Inesibambo esingasheleleli
8. Iyakwazi ukulawula izinga
lokushisa
9. Inethangi lamanzi
10. Inojeke
UKUCACISWA
Umthamo
:
230 ml(ithangi lamanzi kuphela)
Amandla
:
AC 230 V/50 Hz
kagesi
Amawathi
:
1600 W
Intambo
:
iplaki enophini ama-3 (inciphisa ubungcuphe bokushaywa ugesi)
IMISEBENZI
1.
I-ayina ngesitimu.
2.
Ukufutha amanzi nesitimu esiphuma ngamandla/ngokushesha.
IZINCOMO NGAPHAMBI KOKUYISEBENZISA
1.
Ezinye zezingxenye ze-ayina zifakwe owoyeli kancane kungabangela ukuthi i-ayina iphume intuthu
kancane uma ikhanyiswa okokuqala. Lokhu kuzokwenzeka izikhathi ezimbalwa uyisebenzisa.
2.
Susa lokhu embozwe ngakho okuyivikelayo kanye namalebuli epuletini bese uyayihlanza
ngendwangu ethambile, eswakeme.
3.
Uma uqala ukusebenzisa i-ayina, ihlole endwangini endala kuqala ukuze uqinisekise ukuthi ipuleti
kanye nethangi lamanzi kuhlanzeke ngokwanele.
4.
Linda imizuzu emithathu ngaphambi koku-ayina izinto ezinendwangu ezwelayo. Izinga lokushisa
lidinga isikhashana ukuze lizilungise libe sezingeni olifunayo, kungaba eliphezulu noma eliphansi.
5.
Izindwangu ezinobucayi ezifana nosilika, iwuli, nezinithiwe, njll. kumele zi-ayinwe kusetshenziswe
indwangu yoku-ayinela ukuvikela ukuthi zingabi nomaka ocwebezelayo.
6.
Phendula izilawuli zezinga lokushisa uzibeke lapho ufuna khona ngokuthi uqondanise nenkomba
yezinga lokushisa. Ilambu eliyinkomba lizokhanya uma i-ayina ishisa ezingeni elikhethiwe. Uma
ilambu eliyinkomba licisha i-ayina isuke isezingeni lokushisa elikhethiwe futhi isikulungele
ukusebenza.
All manuals and user guides at all-guides.com
4

Publicité

Table des Matières
loading

Produits Connexes pour ottimo CEA-10-01

Ce manuel est également adapté pour:

Sr 7125270

Table des Matières