ottimo CEA-10-01 Manuel D'instructions page 30

Table des Matières

Publicité

Les langues disponibles

Les langues disponibles

ISIZULU
ISINGENISO
Siyabonga ngokuthenga i-ayina yethu lesitimu yakwa-ottimo. Iyunithi ngayinye yakhiwe ngendlela
yokuqinisekisa ukuphepha, ukwethenjwa, nokusebenziseka kalula. Ngaphambi kokuthi uyisebenzise,
sicela ufundisise lemiyalelo bese uyayigcina ngokuphepha ukuze ubuye ubheke kuyo esikhathini esizayo.
OKUBALULEKILE UKUZE UYIVIKELE
Uma usebenzisa i-ayina yesitimuyakwa-ottimo, kumele ulandele imiyalelo yokuphepha, kubandakanya
lokhu okulandelayo:
Lento esebenza ngogesi ayihloselwe ukuthi isetshenziswe abantu (kubandakanya izingane)
abanemizimba, izinzwa noma imiqondo engasebenzi ngokuphelele, noma abangenalo ulwazi
mayelana nokusetshenziswa kwalo mkhiqizo, ngaphandle uma kukhona obaqaphile noma
beyinikeziwe imiyalelo umuntu okungumsebenzi wakhe mayelana nokusetshenziswa kwento kagesi
ukuze baphephe.
Izingane kumele kube khona oziqaphayo ukuze kuqinisekwe ukuthi azidlali ngento kagesi.
Njalo qinisekisa ukuthi amandla kagesi abhalwe kulebuli yesilinganiso ayahambisana nalawo
asekhaya lakho.
Jwayela ukubheka intambo kagesi kanye namapulaki ukuthi akulimele yini. Uma intambo noma
ipulaki ilimele, kumele umkhiqizi afake enye noma umuntu ongungoti kulokhu ukuze ugweme
ubungozi bukagesi.
Lento esebenza ngogesi ihloselwe ukusetshenziswa ekhaya kuphela.
noma ukuhweba kuzoqeda iwaranti, kanti nomhlinzeki angeke abe necala uma kuba nokulimala
komuntu noma ukulimala okudalwe ukusebenzisa uhhavini ngezinye izinhloso ngaphandle
kwehloselwe khona.
Ukuyisebenzisa ngendlela okungeyiyo noma ukuyisebenzisela okungekhona kungayilimaza futhi
kulimaze nalowo oyisebenzisayo.
Ungayisebenzisi uma ike yawa noma yalimala ngandlela thize. Uma ilimele, hambisa iyunithi leyo
iyohlolwa bese/noma ilungiswe yi-ejenti yosizo egunyaziwe.
Ukunciphisa ubungozi bokushaywa ugesi, ungayifaki emanzini noma nakuliphi uketshezi noma
uyibeke obala imotho, ipulaki noma intambo kagesi.
Uma uyihlanza, ungayifaki emanzini noma nakuyiphi into ewuketshezi.
Susa ipulaki kusokhethi ngokuthi uyibambe ipulaki. Ungayidonsi intambo uma ukhipha into kagesi
lapho exhunywe khona. Njalo ikhiphe eplakini uma ingasebenzi, ngaphambi kokuyihlanza noma
uma kukhona izingxenye ozifakayo noma ozikhiphayo.
Ukusetshenziswa kwezinto zokwengeza ezinganconyiwe noma ezingahlinzekwa ngumhlinzeki
zingadala ukulimala, umlilo noma ukushaywa ugesi.
Ungayiyeki intambo ilenge ekugcineni kwetafula noma kwekhawunta. Qinisekisa ukuthi intambo
ayikho endaweni lapho ingadonseka khona ngephutha.
Ungayivumeli inatmbo ithinte indawo eshisayo futhi ungayibeki phezulu noma eduze kwegesi
eshisayo noma isitofu sikagesi noma kuhhavini oshisisiwe. Sicela uyigcine endaweni epholile
neyomile engekho elangeni.
Ungalokothi uyisebenzisele eduze kukabhavu wokugeza, ishawa, usinki, noma ezinye iziqukathi
zamanzi.
All manuals and user guides at all-guides.com
2
Ukuwusebenzisela ifemu

Publicité

Table des Matières
loading

Produits Connexes pour ottimo CEA-10-01

Ce manuel est également adapté pour:

Sr 7125270

Table des Matières